Abstract
Lolu cwaningo luqukethe izahluko eziyisithupha. Lucubungula ukuthi ababhali bamanoveli amathathu akhethekile esiZulu baziveza kanjani izinkinga zomphakathi emanovelini abo okuyilawa: Ngiyolibala Ngifile (2010) ebhalwe u- E.D.M. Sibiya, Inkinsela YaseMgungundlovu (1961) ebhalwe u-S. Nyembezi kanye nesihloko sithi Bengithi Lizokuna (2008) ka-N.G. Sibiya. Lolu cwaningo lusombuluka ngesendlalelo salo lonke ucwaningo. kwethula inhloso yocwaninga okuwukubheka ukuthi ababhali bamanoveli akhethiwe esiZulu baziveza kanjani izinkinga zomphakathi ezincwadini zabo. Kwethulwa ukubaluleka kocwaningo kanye nokuhlabahlose kwamanoveli akhethiwe. Kuchazwa kafuphi ngokwenzeka emanovelini akhethiwe, kucaciswe ngamagama abalulekile kulolu cwaningo, kanye nomlando omfishane wababhali bamanoveli okwenziwe ngawo ucwaningo.
M.A. (African Languages)