Abstract
Ubugebengu, ububha kanye nokwentuleka kwemisebenzi yizici zomnotho wezenhlalo ezibhebhethekayo zinsuku zonke eNingizimu Afrika. Ubugebengu bande kakhulu, alishoni ilanga singekho isigameko esenzekile esithinta ubugebengu. Abantu bakhala mihla namalanga ngazo zontathu lezi zici zomnotho wezenhlalo. Siyabona izibalo zabantu abangasebenzi zikhuphuka usuku nosuku. Lolu cwaningo luhlose ukuhlolisisa luphinde lucubungule izizathu ezidala ukuthi lezi zici zomnotho wezenhlalo zibhebhetheke ngalolu hlobo ezweni laseNingizimu Afrika. Lezi zici zomnotho wezenhlalo zizohlaziywa kusetshenziswa imibhalo yobuciko yesiZulu egqamisa lezi zici zomnotho wezenhlalo, owumdlalo kanye namanoveli. Ngenkathi kuhlaziywa kuzobhekwa ukuthi lezi zici zomnotho wezenhlalo zihlasela baphi abantu kakhulu, ngabe abesilisa noma abesifazane, kubuye kubhekwe umthelela wokubhebhetheka kwalezi zici zomnotho wezenhlalo ezindaweni zasemakhaya kanye nasemadolobheni.
Indlelayenza ezosetshenziswa kulolu cwaningo yindlelayenza yekhwalithathivu, nokuyindlelayenza ephoqelela ukusetshenziswa kwezinjulwazi ukuhlaziya imibhalo ekhethiwe. Izinjulalwazi ezizosetshenziswa yinjulalwazi yezobufazane kanye nenjulalwazi yepostimodenizimu. Lolu cwaningo luzosebenzisa lezi zinjulalwazi ukuhlaziya umdlalo kaMolefe othi, Bahlukumezekile Behlakaniphelana Nje (2011), okaMhlanga othi, Ubhuku Lwamanqe (2016) kanye nasenovelini kaWanda ethi, Kunjalo-ke (2004), ukuze kuvele izingungquko zakamumva zaseNingizimu Afrika ezithinta ukuhlalisana kwabantu emiphakathini. Konke lokhu kuzohlaziywa kubhekwa izigameko ezenziwa ngabalingiswa abathile ezikhomba ukwanda noma ukubhebhetheka kwezici zomnotho wezenhlalo. Kuzovela ukuthi ngabe izici zomnotho wezenhlalo zibhebhethekiswa yini.
Kuzoqalwa ngokuthi kuhlaziywe lokho okuvezwa ngababhali okuphathelene nesici somnotho okuwubugebengu. Lapha kubhekwa ukuthi ngabe yibuphi ubulili esibuthola bubandakanyeka ebegebengwini kanye nezizathu ezenza ukuthi abantu abathile bezibandakanye ebugebengwini. Kwenye ingxenye kuzobhekwa abalingiswa abahaqwe kakhulu ububha ukuthi ngabe yibona buphi ubulili obutholakala buhaqwe ububha kakhulu phakathi kwabantu besifazane kanye nabesilisa, kuphinde kubhekwe nezindlela laba bantu abalwisana ngazo nobubha. Eyokugcina ingxenye izobheka
iv
ukuntuleka kwemisebenzi, izobheka imizamo eyenziwa ngabantu ukuze bathole imisebenzi.
Okutholakele kulolu cwaningo wukuthi izici zomnotho wezenhlalo azikhethi bulili. Kutholakale ukuthi abantu besifazane nabo bayakwazi ukwenza ubugebengu besebenzisana nabantu besilisa. Ziningi izimbangela zobugebengu ezivelile, ububha kanye nokuntuleka kwemisebenzi kungezinye zezizathu eziholela ekutheni abantu benze ubegebengu. Abanye abalingiswa baze baqoke ukuthi bazinikele ekudayiseni ngemizimba ukuze bathole imali kodwa nayo ayibanelisi ngoba bagcina benza ubugebengu ngethemba lokuthi bona buzobenzela imali encono. Kubuye kwavela ubunzima abantu abaphuma emajele ababhekana nabo uma bephuma emajele. Baba ngabantu abangathembakele emiphakathini. Kubanzima ukuthi bamukeleke emiphakathini yabo.
Kubuye kwatholakala ukuthi abantu besifazane kubukeka kuyibona abazikhathazayo ngokuthi balwisane nobubha obuhaqe imindeni yabo. Abanye babo sibathola bebuyela ezikole beyofunda ukuze bakwazi ukulwisana nobubha. Abanye sibathola belima noma betshala ngenhloso yokuthi badayise ukuze balwisane nobubha obuhaqe imindeni yabo.
Imisebenzi ishodela bonke abantu, abasemadolobheni kanye nabasemakhaya. Kuvela abantu basemakhaya bethutha beyohlala emadolobheni ngenhloso yokuthola imisebenzi encono. Emadolobheni babhekana nengwadla nakhona imisebenzi ukubi lula ukuthi bayithole uma bengafundile lokhu kubaholela ekutheni benze ubugebengu kanti abesifazane bagcina sebeqoma amadoda amaningi ngesikhathi esisodwa ukuze bathole imali yokuthi baziphilise bona nemindeni yabo.