Abstract
Ababhali abahlukene baba nezindlela ezahlukene lapho beveza abalingiswa babo. Kanjalo nalapho kuvezwa khona abalingiswa besilisa, kuba nenjongo ethile esuke ifunwa ukufezwa ngumbhali ngamunye. Njengoba abantu besilisa bevamise ukwenza izinto ezithile kanye nokusho izinto ezivamise ukuthi zibenze bebe ngabamadoda. Lokhu kwenza kwabo kuyaye kubhekwe bese kubonakala ukuthi lowo muntu owenza ngendlela ethile usuke eyindoda na. Kanjalo nababhali bezindaba, baye bakhande abalingiswa besilisa ngendlela ehlukile kunendlela okukhandwa ngayo umlingiswa wesifazane. Indlela abalingiswa abakhandwa ngayo, iyaye iyamaniswe neyomuntu ophila njengoba vele uma kukhandwa umlingiswa kumele aphile. Ngakho lolu cwaningo luhlaziya ukuvezwa kwabalingiswa besilisa ezindabeni ezimfushane zesiZulu ezikhethiwe. Ukuhlaziywa kuzokwenzeka kwizahluko eziyisikhombisa ezitholakala kulolu cwaningo. Izincwadi ezibhekiwe zibhalwe ababhali abahlukene kuhlanganisa Izinhliziyo Ezibuhlungu ebhalwe ngababhali abahlukene yabe seyihlelwa nguNakanjani G. Sibiya (2015), Kuhlwa Ngomnyama ebhalwe nguNakanjani G. Sibiya (2005), Imicibisholo ebhalwe nguD.B.Z Ntuli (1973) kanye nencwadi ebhalwe nguyena futhi uNtuli (1970) ethi Uthingo Lwenkosazana.Njengoba kuhlaziywa izincwadi kulolu cwaningo, kubhekwa nemibhalo ebhaliwe phansi kungabonakale kulungile ukusebenzisa indela yokuqoa ulwazi okuyikhwalithethivu. Kubhekwe nendlela esetshenziswe ngababhali abahlukene ukuveza abalingiswa besilisa kanye namagama abalingiswa besilisa. Ukuze kusekeleke ucwaningo lolu, kusetshenziswe injulalwazi ye-masculinity okuyinjulalwazi ekhuluma ngobudoda njengoba ichaza ukuthi buyini ubudoda nokuthi bubonakala kanjani kumuntu wesilisa. Umcwaningi uhlaziye wathola okuvamile okwenziwa ngabalingiswa besilisa kuhlanganisa ukuba ngumondli, umholi, umvikeli, ukuba nesibindi, ulaka kanye nokuba nothando.Ube esebona umcwaningi ukuthi zonke lezi zimpawu ezivamile kumuntu wesilisa ziyatholakala nasemphakathini abahlala kuwona.