Abstract
Ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane kuseyinkinga engakaze ilungiseke eNingizimu Afrika. Ababhali abaningi bayenzile imizamo yokwenza ucwaningo ngendikimba yokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane ngenhloso yokulwisana nalesi sihlava. Bebheka ukuthi ababhali babaveza kanjani abagilwa nezinkinga ababhekana nazo ngokuhlukunyezwa. Nalolu cwaningo lusagxile kukho ukubheka izisombululo zokulwisana nokuhlukumezeka kwabantu besifazane nezingane. Kodwa umehluko wukuthi lubheka ukuthi ababhali babaveza kanjani abahlukumezi emibhalweni yabo. Inhloso ukubahlaziya ukuze kuvele ngokusobala ukuthi zinjani izimpawu zabo. Kubhekwe nezimbangela ezibaholela ekutheni bahlukumeze ukuze kuzobonakala ukuthi azikho izindlela ezingenziwa ukugwema lezi zinto ezibaholela ekutheni bahlukumeze.
Lokhu kuzokwenziwa ngokuhlaziya abalingiswa abangabahlukumezi kubhekwa ukubumbeka kwabo kuqhathaniswa nezenzo zabo ukuze kubhekwe ukuhlobana phakathi kokubumbeka kwabo kanye nezenzo zabo zokuhlukumeza. Kuzophinde kubhekwe nezinhlobo ezahlukene zokuhlukumeza abazisebenzisayo uma behlukumeza. Kubhekwe izizathu ezibabangela ukuthi bahlukumeze. Bese kubhekwa nokuthi emva kokuhlukumeza iyiphi imiphumela abayitholayo ngezenzo zabo. Konke lokhu kuzobe kubhekwa emibhalweni eyahlukene yesiZulu enezindikimba zokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane. Lesi sifundo sizosebenzisa indlela yekhwalithethivu kuqhuba ucwaningo.