Abstract
Inhloso yalolu cwaningo bekuwukubheka ukuthi u-E.D.M. Sibiya, ongumbhali wenoveli ethi, Ngidedele Ngife (2006) ubasebenzise kanjani abalingiswa kanye nesakhiwo ukwethula izindikimba. Isandulela-ngculazi kanye nengculazi uqobo yizindikimba ababhali bangemuva kobandlululo abaqale ukubhala ngazo. Umcwaningi ubehlose ukuthola ukuthi umbhali uyethula kanjani indikimba yengculazi kanye nezinye ukufundisa umphakathi, kanye nokuxwayisa. Umcwaningi usebenzise injulalwazi yeNaratholoji, elandela imodeli kaGerald Genette, okunguyena owathuthukisa le njulalwazi, ukweseka imibono abeyidlulisa ocwaningweni. Injongo yokusebenzisa le njulalwazi kube wukuveza ikhono lombhali lokubhala inoveli eseqophelweni eliphezulu kanje.
Injulalwazi yeNaratholoji igxile kakhulu ekubumbekeni kwemisebenzi yobuciko elandayo. INaratholi ibheka indlela ababhali abathula ngayo umbhalo, abalandelanisa ngayo izigameko, ukuxhumana phakathi kwezigameko ezehlela abalingiswa nezindikimba, ukuxhumana phakathi kwezindikimba nokuvezwa kwabalingiswa, kanye nokuxhumana phakathi kwesakhiwo kanye nomyalezo odluliswa umbhalo. Umcwaningi uqale ngokubuyekeza imibhalo esibhaliwe ethinta imisebenzi ka-E.D.M. Sibiya ukuze athole ukuthi ngabe ikuphi okungakenziwa. Wabe esethola ukuthi akekho namunye umcwaningi oseke wazinika isikhathi wabhala ngokubumbeka kwenoveli ethi, Ngidedele Ngife (2006). Yingakho-ke umcwaningi ebone kuyithuba elihle ukuthi acwaninge ngale noveli.
Okutholakele kulolu cwaningo ukuthi umbhali ufundise abafundi ngesandulela-ngculazi kanye nengculazi uqobo. Kutholakale futhi ukuthi ufundisa ngenhlonipho kanye nokuzihlonipha, isimilo, ukuthembeka, ukubaluleka kokudla ukudla okunezakhamzimba, ubugebengu, ukucwaswa kwabantu bokufika, ukudlwengulwa kwabantu besilisa, udlame lwasejele, kanye nokubaluleka kwemfundo. Kuphinde kwatholakala ukuthi ngeke ubahlukanise abalingiswa, izindikimba, kanye nesakhiwo uma kubunjwa umbhalo oxoxayo. Kube sekutholakala ukuthi selukhona ushintsho mayelana nesifo sesandulela-ngculazi uma uqhathanisa nesikhathi esingaphambilini. Kunethemba lokuthi bakhona nabanye abacwaningi abazocwaninga ngokubunjwa kwenoveli ethi, Ngidedele Ngife (2006) njengoba kukuningi okungathintwanga.
Amagama asemqoka: inoveli, abalingiswa, indikimba, iNaratholoji, isakhiwo