Abstract
Lolu cwaningo lumayelana nokuqhathaniswa phakathi kokufanekiswa komlando kanye nokwesimanjemanje kwenkosazane yasebukhosini uMkabayi kaJama njengomholi wesifazane kubhekiswe emibhalweni yobuciko kanye nethelenovela eyaziwa ngeSibaya. Lolu cwaningo lubheka kabanzi iqhaza elabanjwa uMkabayi kaJama ekwakheni kanye nasekubhidlizeni ubukhosi bakwaZulu. Ucwaningo luphinde lubheke iqhaza elibanjwa uMkabayi Zungu wethelenovela Isibaya ekusimamiseni ibhizinisi lamatekisi akubo kwaZungu. Ucwaningo luphinde luqhathanise uMkabayi kaJama kanye noMkabayi Zungu ngokubheka lokho okufanayo kanye nokungefani phakathi kwabo. Lolu cwaningo luphinde luveze iqhaza elibanjwa abantu besifazane abamnyama base Afrika ezinhlakeni ezahlukene ikakhulukazi ekubeni abaholi abaqotho. Lolu cwaningo lwenziwe kulandelwa indlela ebizwa ngekhwalithethivu. Lolu cwaningo luthole ukuthi uMkabayi kaJama wabamba elikhulu iqhaza ekwakheni kanye nasekubhidlizeni ubukhosi bakwaZulu. Ucwaningo luphinde lathola ukuthi izenzo zikaMkabayi Zungu weSibaya zifuze lezo zikaMkabayi kaJama. Lokhu kuvele ngenkathi kuqhathaniswa uMkabayi kaJama kanye noMkabayi Zungu. Okutholakele ukuthi uMkabayi Zungu ungumfuziselo okholekayi futhi oyiqiniso kaMkabayi kaJama. Ucwaningo luphinde lathola ukuthi abantu besifazane bangabaholi abaqotho futhi babamba elikhulu iqhaza ezinhlakeni ezakhukene zezwe.
AMATEMU AMQOKA
Umuntu wesifazane, Iwumenizimu, Ifemenizimu, Ithelenovela, Isibaya, UMkabayi kaJama, UMkabayi Zungu. Iqhaza, Ubuholi.