Emhlabeni wonke kukhalwa ngesihlava esisodwa (kwezinye), ukuhlukunyezwa kwabesifazane. Ukuhlukunyezwa kwabesifazane kwenzeka mihla namalanga. Ababhebhezeli balokhu kuhlukunyezwa yibo laba okumele ngabe bayabavikela. Umshado uyinto enhle kepha kuyashintsha lokho lapho usuphenduke igunya labesilisa lokuhlukumeza abesifazane. Ngokusebenzisa izincwadi ezimbili zikaMaphumulo, ethi Kudela Owaziyo (2008), kanye nethi, Kungabheja Ezansi! (2012), lolu cwaningo luveza ubumqoka bokuqwashisa ngokuhlukumezeka okubhekane nabesifazane abashadile, abangenaso isibindi noma umqondo wokumelana nakho ngokufuna usizo kuyo yonke iminyango emele amalungelo abesifazane.
Lolu cwaningo luhlose ukuveza izizathu ezenza abesifazane behlale lapho behlukumezeka emishadweni, umthelela walokho kubekezela ingcindezi emqondweni wabo kanye nokuthi abesilisa abafuni ukwamukela ukuthi ukuguquka kwezikhathi kusho ukuthi namasiko amelwe ukuguquka nawo. Ukusebenzisa injulalwazi ye-Africana Womanism kucacisa okuningi ngoba kuliqiniso elisobala ukucindezeleka kwabantu besifazane basezwenikazi i-Afrika. Bacindezeleka ngokwebala, ngokobulili kanye nangokwamasiko, nokuyikhona okwenza ukuthi bagcine bemukela ukuphathwa ngobudlova ngabantu besilisa.
Ngokusebenzisa indlela yokuqoqa ulwazi esebenzisa imibhalo, kwenza ukuqonda ngokuhlukumezeka okwenzeka mhlaba wonke kube lula ngoba zonke izibalo nemibiko isobala, kanti futhi nokuthi abantu besifazane abakulezi zimo bacabanga kanjani. Okubalulekayo ukuthi abantu besilisa bakulandelanisa ngezigaba lokhu kuhlukumeza, kusukela emazwini kuye engqondweni, kuze kufike lapho sekungokomzimba khona, nokuyilapho owesifazane obhekene nakho usuke esekholwa konke okubi nokuhle okushiwo ngumyeni wakhe kuye; okungaba ngaye siqu sakhe noma ngalabo abasuke bafuna ukungenelela basize.
Okutholakele kulolu cwaningo ukuthi abesifazane abahlukumezekayo bagcina bazifakela bona ingcindezi ngokuba bezakhele izizathu zokungashiyi imishado ebaphatha kabi ngaphezu kwezizathu zokulindelwe yimindeni nemiphakathi, kwala noma benawo amandla okuzimela ngokwezimali kanye nokwesekwa yizinhlangano ezimele amalungelo abo.
- Ukuhlukumezeka nengcindezi kwabesifazane abashadile emibhalweni ethile ka B.P. Maphumulo
- Silindile Patience Dlamini
- Solwazi E.B. Zungu
- University of Johannesburg; Master of Arts (MA)
- Master of Arts (MA), University of Johannesburg
- 9963406007691
- University of Johannesburg
- University of Johannesburg; Faculty of Humanities; Department of African Language
- Zulu
- Thesis