Abstract
Lolu cwaningo lucubungula ubudlelwane phakathi kwamagama abalingiswa nesakhiwo emdlalweni ka-E.J. Mhlanga osihloko sithi Ubhuku Lwamanqe (2016). Lo mdlalo kaMhlanga ungomunye wemidlalo ezimele ukuba yibhuku elingumqingo. Uphinde ufundwe nasezikoleni, ikakhulukazi ebangeni leshumi nambili, umatikuletsheni.
Kulo msebenzi kubhekwe inhloso eyenze umcwaningi alangazelele ukuthola ubudlelwane phakathi kwabalingiswa nesakhiwo emdlalweni kaMhlanga. Kube sekubhekwa nemibuzongqangi elindeleke ukuba iphendulwe ucwaningo. Kubhekwe nezingqinamba ezingase zithiye lo msebenzi kwabhekwa nabazohlomula kulolu cwaningo. Ukuqinisekisa lo msebenzi kucashunwe abanye ongoti abavelele ababhale okucishe kuhambisane nalesi sihloko. Kucashunwe imibono yabo lapho bephawula ngezinto ezithinta lolu cwaningo. Ziningi-ke nezindlela zokuqoqa ulwazi, ucwaningo lube selukhetha indlela yokuqoqa ulwazi ukulekelela lolu cwaningo lube ngoluhlabahlosile. Ucwaningo lukhethe ukusebenzisa indlela yekhwalithethivu (qualitative) lubone kuyiyona ehlaba esikhonkosini ekulekeleleni lolu cwaningo. Lolu cwaningo aluphumelanga ngaphandle ukuyohlonza ulwazi kubantu abahlukahlukene kodwa lusebenzise umdlalo kaMhlanga. Ulwazi luqoqwe ngokufunda umdlalo osihloko sithi “Ubhuku Lwamanqe”, imiqingo ebhalwe izinjulabuchopho ezahlukahlukene, amajenali, izincwadi ezithathwe emtapweni wolwazi kanye nokucashunwe ku-inthanethi.
Ucwaningo lukhethe ukusebenzisa injulalwazi ye-literary onomastics, lukhethe ukusebenzisa le njulalwazi ngoba ibhekelela kakhulu umkhakha wokwethiwa amagama embhalweni wezincwadi. Ingqikithi yalolu cwaningo ilele emagameni abalingiswa. Le njulalwazi yiyo edlale indima enkulu ekuqoqeni ucwaningo lunganhlanhlathi luphume esihlokweni. Umqondombono osetshenzisiwe kubhekwe umqondombono wokuhumusha phecelezi i-interpritive paradigm. Lo mqondombono ulekelele kakhulu ucwaningo ngoba beluvundulula amaqiniso ngokwethiwa kwamagama abalingiswa.
Kulolu cwaningo kutholakale ukuthi igama lomuntu lihamba ibanga elide, nabasunguli bemibhalo uma bezokwetha abalingiswa babheka izindlela eziningi ngaphambi kokuba babethe amagama. Incazelo yegama ijulile, izenzo zabalingiswa emdlalweni ziyamchaza ukuthi ungumlingiswa onjani. Abalingiswa bakhe kumele bahambisane nezenzo abazenzayo nokuthi incazelo yegama lo mlingiswa igqanyiswa yizo zonke izigigaba atholakala ezenza emdlalweni.
v
Kwavela nokubaluleka kokuhlobanisa amagama abalingiswa nesakhiwo somdlalo. Kugcizelelwe ukuthi ukuze umdlalo ulandeleke kahle amagama awaxoxe indaba, akube nesizathu esinqala esiholele ekutheni umbhali ethe abalingiswa bakhe lawo magama. Kwatholakala nokuthi ngokubuka nje amagama isizinda somdlalo siba sesihlala obala ikakhulukazi inkathi. Kuvelile ukuthi uMhlanga ukwazile ukuhlobanisa amagama abalingiswa nesakhiwo somdlalowakhe. Konke umbhali akabhalayo embhalweni kusuke kunesizathu, akukho okungabalulekile.
Inselelo singayiphosa kwabasafisa ukucubungula lo mbhalo bebheke isu elisetshenzise umbhali ukubhala lo mdlalo. Bengaphinde bebheke neqhaza elibanjwa ubugebengu obutholakala kulo mdlalo noma becubungule izizathu ezenza ukuba intsha ibhukude ebugebengwini. Omunye engacwaniga lo mdlalo agxile kusifundweni esitholakala kulo mdlalo, uthando lwemali noma ubugebengu obuhleliwe. Usamningi umsebenzi ongabhekwa ngaphansi kwalesi sihloko salo mdlalo.