Abstract
Ubuchwepheshe nesayensi yiminxa ethuthuka usuku nosuku. Intuthuko yale minxa izwela magumbi omane omhlaba. Kulesi sikhathi sanamhlanje akuselula ukuthi umuntu avuke ekuseni aqale usuku lwakhe aze aluqeda engasebenzisanga lutho oluthinta ubuchwepheshe. Ngamanye amazwi, ubuchwepheshe sebuthathe ingxenye enkulu ezimpilweni zabantu. Lolu cwaningo luzohlaziya luhlunge ubuhle nobubi bobuchwepheshe nesayensi ezimpilweni zabantu baseNingizimu Afrika. Lobo buhle nobubi bobuchwepheshe buzohlaziywa bususelwa emibhalweni yesiZulu ekhethiwe. Ekuhlaziyweni kwale mibhalo yesiZulu engamanoveli nemidlalo kuzohlonzwa izigameko ezithile ezenziwa ngabalingiswa eziveza ubuhle obuthile noma ububi obuthile bobuchwepheshe nesayensi.
Injulalwazi (theory) ezosetshenziswa kulolu cwaningo yi-structural functionalism. Kafishane, lena yinjulalwazi edingida ngokwakheka kwemiphakathi nezinto ezenzeka emiphakathini. Lolu cwaningo-ke luzosebenzisa imibono yale njulalwazi ukuhlazila le mibhalo ekhethelwe lona. Lokhu kuzokwenziwa ngokubheka izigameko ezenziwa ngabalingiswa abathile ezincwadini, lezo zigameko zeyamaniswe nolakho okushiwo yinjulalwazi ye-structural functionalism ukuveza ubuhle noma ububi bobuchwepheshe nesayensi. Kanjalo nomlando wokuthuthuka kobuchwepheshe ukusuka esigabani sangaphambi kokuthuthuka kobuchwepheshe (Pre-industrial society) kuye esigabeni sesine sokuthuthuka kobuchwepheshe (Fourth Industrial Revolution) nawo uzodingidwa uphinde usetshenziswe ukuhlaziya le mibhalo yesiZulu ekhethiwe.
Lo mlando wokuthuthuka kobuchwepheshe wona uzosilandisa ngokuthi ubuchwepheshe lobu baqala nini ukuthuthuka, nanokuthi ngobani ababe nesandla ekusungulweni kwezinto esizisebenzisayo eziwubuchwepheshe esikhathini sanamhlanje. Indlela ezosetshenziswa yokuqhuba lolu cwaningo yileyo ebizwa nge-qualitative research method lapho okuzotholelwa khona ulwazi ngokufunda imibhalo efundwayo enjengezincwadi ezingamanoveli, imidlalo, amajenali nama-athikili njalo njalo.