Abstract
Lolu cwaningo “Ukuqanjwa kabusha kwamagama ezikole esigodini sakwaMthethwa, Empangeni” Ukuhlaziywa kwezinjongo ezahlukene zokwethiwa kwamagama ezikole esigodini sakwaMthethwa, Empangeni.” luhlose ukubheka izinjongo ezahlukene zokwethiwa kwamagama ezikole kakhulukazi ezindaweni zasemakhaya ngoba akusiyona into ekujwayelwe ukukhulunywa ngayo esizweni samaZulu. Ukwethiwa kwamagama ezikole ngamagama abantu kanye nezinye izinto ezikhona phansi komthunzi welanga kusobala. Isizwe samaZulu sidume kakhulu njengesizwe esikholelwa kakhulu emasikweni njengoba bekholelwa ekutheni lezi zikole ezethiwe ngamagama amakhosi akwaMthethwa. Lamakhosi iningi lawo asakhothama esangamadlozi ngakho-ke kumele zethiwe izikole kulandelwe usiko.
Lolu cwaningo luzoveza iqhaza elibanjwa usiko ekwethiweni kwamagama ezikole esigodini sakwaMthethwa, Empangani. Lolu cwaningo luzohlomisa ngokubaluleka kokwethiwa kwamagama ukuthi kungabamba iqhaza elingakanani emphakathini kanye nasezweni lonkana. Lolu cwaningo lungasiza ukuthi likhumbuze liphinde ligqugquzele amaZulu ukuthi kubaluleke kangakanani ukwetha izikole ngamagama aqukethe umlando nencazelo. Ucwaningo lusebenzise indlela yokuqoqa ulwazi eqonda imvelo ukuphila kwabantu emiphakathini eyahlukene, okuyindlela yekhwalithethivu, esetshenziswe ukuthungatha ulwazi nezimvo ezethulwa ngababambiqhaza mayelana nokwethiwa kwamagama abantu.
Izinjulalwazi ye-Dynamic onomastics nenjulalwazi ye-Socio-Onomastics, zisetshenziselwe ukuthungatha nokuhluza imibono eyahlukene equkethwe ngamagama acwaningiwe. Lolu cwaningo luzohlola imigudu elandelwayo yokwethiwa kwamagama ezikole esigodini sakwaMthethwa. Ezinye zezinhloso zalolu cwaningo ukuveza umthelela odalwa ukushintshashintsha kwesikhatho ekwethiweni kwamagama kanye nosikompilo olulandelwayo uma kwethiwa amagama esigodini sakwaMthethwa, Empangeni. Ukufundisa abantu ngokubaluleka kwezimpande zabo.