Abstract
Inhloso yalolu cwaningo bekuwukubheka ubunkondlo obutholakalayo ezingomeni zomzabalazo wezombangazwe eziculwa ngu-J.G. Zuma.
Umcwaningi ubehlose ukuthola ukuthi yibuphi ubunkondlo obutholakala ezingomeni zomzabalazo, ebuka isakhiwo sangaphandle nesangaphakathi. Isakhiwo sangaphakathi sona sithinta indikimba, ukukhethwa kwamagama, nemifanekisomqondo. Isakhiwo sangaphandle sidingidwe ngokuthi kubhekwe imigqa, izindima, ukuxhumana, impindwa kanye nokulinganisa. Enye inhloso yalolu cwaningo bekuwukubheka ukuthi lobu bunkondlo obubonakala kulezi zingoma buquketheni kanye nokuthola ukuthi ngabe ukwakheka kwezingoma kuncike kanjani ezinkondlweni. Ngaphezu kwalokhu, ucwaningo beluhlose ukubheka ukuphindaphindeka kwamagama ukuthi kuveza luphi ulwazi.
Okokugcina, ucwaningo beluhlose ukubheka nokuhlolisisa ukubaluleka kwezakhi zobunkondlo ezitholaka kulezi zingoma. Ukuqaphela izakhi zobunkondlo kuzosiza ukukhombisa ukuthi kungani kuthiwe lezi zingoma zinobunkondlo.
Umcwaningi usebenzise injulalwazi yesitayela kanye neye-hermeneutics. Injulalwazi yesitayela, yiyona esiza ukuveza ubunkondlo ngezingoma kanti injulalwazi ye- hermeneutic iveza kakhulu umlando oqukethwe yilezi zingoma kwazise incike kakhulu emlandweni.
Okutholakele kulolu cwaningo ukuthi, izingoma zomzabalazo zinazo izimpawu zobunkondlo, lokhu okwenza ukuthi zingene ngaphansi kwezinkondlo zomdabu. Okunye okutholakele ukuthi, izingoma zomzabalazo ziqukethe umlando oqanda ikhanda ngezinto ezazenzeka ngesikhathi somzabalazo nakuleminyaka. Izingoma zomzabalazo ziphinde zikhombise ukuphindaphindeka kwamagama kugcizelela imiyalezo ethulwa yilezi zingoma.
Amagama Asemqoka: izinkondlo, izingoma, Umkhonto weSizwe, injulalwazi, isakhiwo, imigqa, izindima.