Abstract
Indlela ulimi lwesiZulu olukhulunywa ngayo esifundazweni saseGoli ayigculisi neze. Lokhu kukhulunywa kwalolu limi ngendlela okungeyonayona uma kubhekwa ngokobhalo jikelele kugcina sekuba nomthelela kothisha uma befundisa imibhalo yobuciko. Lolu cwaningo luhlola izingqinamba othisha besiZulu njengolimi lwasekhaya ababhekana nazo uma befundisa imibhalo yobuciko emabangeni aphezulu, elokishini laseTembisa, esifundazweni saseGoli. Luhlose ukuphendula imibuzongqangi emithathu elandelayo:
Othisha bamabanga aphezulu baphawula bathini ngokufundisa imibhalo yobuciko endaweni yaselokishini laseTembisa?
Kungani othisha abafundisa isiZulu ulimi lwaseKhaya emabangeni aphezulu (10-12), esifundazweni saseGoli, behlangabezana nezingqinamba uma befundisa imibhalo yobuciko?
Ingabe ulimi olunothile olusetshenziswa ababhali bemibhalo yobuciko lunamphumela muni kubafundi?
Lolu cwaningo lwenziwe kwesinye sezikole eziselokishini laseTembisa, esifundazweni saseGoli lapho isiZulu singezinye sezilimi ezikhulunywayo emphakathini. Kanti futhi nakulesi sikole ebesiyinsimu yocwaningo ulimi lwesiZulu lungolunye lwezilimi ezifundwa njengolimi lwaseKhaya. Kukhethwe othisha abathathu abafundisa isiZulu ulimi lwasekhaya emabangeni aphezulu (10-12) kulesi sikole ukuba babe ngabahlanganyeli bocwaningo.
Ukuqoqa nokuhlaziya ulwazi olutholakele, kusetshenziswe indlela ye-khwalithethivu (qualitative research). Kusetshenziswe izingxoxo ezisakuhleleka (semi-structured interviews)
nokubukela (observations) njengamathuluzi okuqoqa ulwazi locwaningo. Kuphinde kwasetshenziswa izinsizakuhlaziya ezimbili okuyinsizakuhlaziya ye-hermenuetics neye-social constructivism.
Olwazini olutholakele kugqame lezi izindikimbana eziyisithupha ezilandelayo:
Isikhathi esifushane esibekiwe sokuphothula umsebenzi omningi wokufundisa kanye nokutshala ulwazimagama okuyilonalona kubafundi.
Ukwentuleka kwamasu amasha okwenza abafundi bayiqonde kangcono imibhalo yobuciko.
Ukubukeleka phansi kolimi lwesiZulu okwenziwa ngabafundi.
v
Othisha nezinkolelo zabo ekufundiseni imibhalo.
Ukuntuleka kwezinsiza ezihambelana nesikhathi samanje emagunjini okufundela.
Ukungabibikho kwemitapo yolwazi eyanele futhi eqhakambisa ulimi lwesiZulu.
Zonke lezi zindikimbana zichaza mayelana nalokho othisha abakuthola njengezizathu zokuba bahlangabezane nezingqinamba emagunjini okufundela uma befundisa imibhalo yobuciko. Othisha baphinde baveza imibono yabo mayelana nokufunda nokufundiswa kolimi lwesiZulu ezikoleni, ikakhulukazi esifundazweni saseGoli.
Ucwaningo luncoma ukuthi abazali baseke abafundi ngokubathengela izinsiza ezifanele. Luncome nabaphathi bezikole ukuthi bathathe zonke izifundo ngokulingana. Luphinde luncome nabo othisha bolimi lwesiZulu imbala ukuba ngaphambi kwakho konke, basithande isifundo abasifundisayo ukuze nabafundi bezosithanda. Ucwaningo lusonge ngokuthi luncome amaNyuvesi akhiqiza othisha ukuba abe nezindlela ezintsha zokufundisa ezihambelana nesikhathi samanje.