Abstract
Lolu cwaningo ludingida izindikimba ezitholakala emculweni kaMaskandi. Luhlaziya izindikimba ezingomeni zabaculi abathathu abacula umculo kaMaskandi, uThokozani Langa (Somnandi), uScebi Dlamini (iNkosi Yamagcokama) kanye noSibongiseni Buthelezi (Sondiya). Lezi zingoma zalaba baculi zitholakala amaqoqweni alaba baculu aphume ngeminyaka ehlukene. Lolu cwaningo luzoqhutshwa ngokulandela indlela yekhwalithethivu. Imithombo yolwazi ehlukahlukene ebandakanya, izincwadi, izichazamazwi, amajenali, ama-athikhili kuzosetshenziswa ukuqhuba ucwaningo.
Lolu cwaningo lunezinkomba zokubaluleka ebantwini kanye nasezimeni ezahlukane. Kuze kube manje, alukho ucwaningo olwenziwe oludalula izindikimba ezingomeni zomculo kaThokozani Langa (Somnandi), uScebi Dlamini (iNkosi Yamagcokama) noSibongiseni Buthelezi (Sondiya). Injulalwazi esetshenziswe ukuqhuba ucwaningo yinjulalwazi yokuvezwa kwemizwa (Expressive theory). Abaculi basebenzisa injulalwazi yokuveza imizwa uma becula, ngoba bakhipha ingonyulunga ngalokhu abakuzwa ngaphakathi bakudlulisele kubalaleli.
Kuyatholakala ukuthi indikimba yothando abantu ibathinta ngezindlela ezingafani. Kukhona abahlale bejabule, benezikhathi ezinhle kumamathekwa. Ngakolunye uhlangothi, abanye balimele izinhliziyo ngenxa yokuthanda kakhulu. Indikimba yothando lomzali emntwaneni iveza ukuthi abazali bazinikela ngayo yonke indlela, ukuze babone abantwana babo bejabule. Bakwazi ukubekezelela izimo ezinzima ezimbandakanya ukuxhashazwa nokuhlukumezeaa. Indikimba yenkolo iveza ukuthi abantu banezinkolo ezingafani abazithandayo nabakholelwa kuzo. Kuvela ukuthi yize abantu bekholelwa ezinkolweni ezahlukene, bayakwazi ukuthi bazihloniphe futhi bangazibandlululi ezinye izinkolo. Indikimba yokufa yona iveza ukuthi ukufa komngani kuyaye kucishe kufane nokushonelwa yilungu lomndeni. Ubuhlungu buyafana ngoba abangani basuke sebethathana njengabozalo. Ngaphansi kwendikimba yokubekezela nokuphokophela kudaluleka ukuthi, abantu ababekezelayo abazigqizi qakala izinkulumo zabantu abasemaceleni. Lokhu kukhombisa ukuthi ukubekezela kudinga umuntu onesineke futhi onenhliziyo ende, ongasheshi ukuphuka umoya. Ukuphokophela kuveza ukukwazi ukuzijuba, nokusebenza ngokuzikhandla okumbandakanya isibindi sokungesabi ukubhekana nezinselelo.