Abstract
INingizimu Afrika isidlule ezimpini eziningi lapho amaqhawe namaqhawekazi ayelwela amalungelo esizwe sabampisholo. Kusuka ngesikhathi sokufika kwabadlibezwe kuze kube yimanje ukungalingani kwamalunga omphakathi kusafana. Ukungalingani kwabantu emphakathini ngokobulili, ngokwamandla okuphatha, ngokomcebo nombono okumele ulandelwe kuyinto esenzeka namanje esikhathini senkululelo. INingizimu Afrika iphila ngaphansi kwenkululeko engakhululekile njengoba kusakhona ukuhlukana kwamaqembu emphakathini, lapho kukhona iqembu elinamandla, umcebo kanye nombono nalelo elihlwempu elilalela nelilandela umbono weqembu elinamandla. imibhalo yobuciko iveza isimo sokungalingani esenzeka emphakathini waseNingizimu Afrika nakwamanye amazwe. Amahubo esiZulu angobunye ubuciko obabusetshenziswa amabutho ngesikhathi sezimpi zakwaZulu, ayeyindlela abantu bomdabu ababekhononda ngayo ngempatho engeyinhle ababeyithola kubadlibezwe. Babephathiswe okwabahambi ezweni lobabamkhulu babo njengoba bakwazi ukubaphuca umhlaba nelungelo lokuphatha.
Amahubo adlala indima enkulu ekugcineni umlando ngesimo okhokho bethu ababephila ngaphansi kwaso okwenza ukuthi nosonkondlo abalandela baqhubeke kuwo. Osonkondlo nabo babebhala izinkondlo ezazikhononda ngakho lokhu kungalingani, babhala ngesimo sokubandlululwa nokucwaswa okwakwenzeka ngesikhathi sobandlulo okusagqamisa umlando wokungalingani ngokwamandla. Kuze kube yimanje osonkondlo bamanje basabhala ngokungalingani ngokwamandla okuphatha okusenzeka namanje. Izinkondlo zabo zidalula wonke amaqiniso enzeka eNingizimu Afrika ngaphansi koHulumeni wentando yeningi. Umcwaningi ubone kunesidingo sokuhlaziya amahubo nezinkondlo ukuveza indikimba yokungalingani evezwa yile mibhalo yobuciko. Ubone ukuthi asebenzise le mibhalo yobuciko ukufakazela umbono wakhe wokuthi iNingizimu Afrika iphila ngaphansi kwenkululelo. engakhululekile njengoba le nkululeko eyeqembu elithize.
Lolu cwaningo ludingide ukungalingani okuvezwa amahubo esiZulu kanye nezinkondlo zangesikhathi sobandlulo nalezo zamanje eziqoshiwe. Lokhu kwenziwe ngokusebenzisa indlela yokucwaninga eyaziwa ngele qulithethivu uqoqa ulwazi ezincwadini, ama-athikili, amaphephandaba kanye namavidiyo. Lokhu kulekelele ekuvezeni inhlosongqangi yalolu cwaningo okungukuthi eNingizimu Afrika kukhona
amaqembu ahlukene, okuyiqembu elinomcebo nemali leziphathimandla kanye nalelo labasebenzi elihlwempu.