Abstract
Lolu cwaningo, lubheke ukusetshenziswa kwemifanekiso-mqondo kumaqoqo ama-eseyi akhethiwe. Imifanekisomqondo ebhekiwe isifaniso, isingathekiso, uphawu kanye nesenzasamuntu. Le mifanekiso-mqondo ibhekwe ngokusebenzisa izihlokwana ezibheka ukusetshenziswa kwazo, kusetshenziswa izilwane (ezindizayo nezihamba phansi), imvelo, umkhathi, izitho zomzimba kanye nezinto ezihlukene. Izibonelo ezisetshenzisiwe ukuhlaziya la masu zithathwe kumaqoqo wama-eseyi ayishumi nanye alandelayo: Amawisa (1982), Izizenze (1986), Kunje-ke (1987), Amazembe (1991), Izipeletu (1991), Imvomve (1991), Induku (1992), Amalangabi (1993), Ingulule (1994), Isibhakabhaka (1994), Injula Yemicabango (1996). Indlela yokuqhuba ucwaningo esetshenzisiwe eyekhwalithethivu (Qualitative). Lena iyona ndlela umbhali abone ilufanele lolu cwaningo ngoba ulwazi luqoqwe ezincwadini zama-eseyi akhethiwe. Amajenali, izichazamazwi, imisebenzi eseyenziwe ngaphambili, izincwadi njalo njalo zisetshenzisiwe ukusiza ukucubungula ulwazi. Kusetshenziswe ithiyori yestayilistiki ukubheka nokuveza ikhono nezitayela zababhali abakhethiwe.
Okutholakele ukuthi ababhali bama-eseyi akhethiwe basebenzisa kakhulu Imifanekisomqondo emayelana nezilwane, imvelo, izitho zomzimba, kanye nezinto ezihlukene. Isizathu salokho kungaba ukuthi ababhali abantu nje abasondelene kakhulu nalezi zinto. Kuvelile futhi ukuthi ababhali balama-eseyi banekhono lokusebenzisa lamasu akhethiwe, okungamasu avamise ukusetshenziswa kakhulu ezinkondlweni. Kuvela ukuthi bawasebenzisa kahle lamasu ukudlulisa umlayezo wabo kubafundi. Kutholakele futhi ukuthi istaylistiki siyasiza ukuthola umongo nencazelo yombhalo. Kusekuningi okunye okungabhekwa emibhalweni yama-eseyi, okufana nezaga nezisho, izifengqo, izenzukuthi, izifenyiso, izimeleli, ihaba, njalo njalo. Umbhali uphakamisa ukuthi kusangabhekwa konke lokhu.