Abstract
Lolu cwaningo luzobheka ikhono lokuqanjwa kwabalingiswa emanovelini akhethiwe esiZulu. Amanoveli akhethiwe; Inkinsela YaseMngungundlovu, Impi Yabomdabu Isethunjini, kanye neZihlangene Phezulu. Lesi sahluko sizokwethula lonke ucwaningo .Ucwaningo luzokwehlukaniswa ngokwezigaba ezilandelayo esahlukweni sokuqala: inkinga yocwaningo, inhloso kanye nenjongo yocwaningo, inhlosongqangi yocwaningo, indlela yokuqhuba ucwaningo, amanoveli akhethiwe ngamafuphi. Isahluko sesibili sibheka imibhalo ebhalwe abanye abacwaningi ngesihloko esifanayo noma esithi asifane nalesi esizocwaningwa.
Isahluko sesithathu sizobheka injulalwazi okuyiyona umcwaningi azoyisebenzisa ocwaningweni lwakhe okuyi-onomastic theory. Isahluko sesine sizobheka ubuhlakani umbhali abusebenzisile ekuqambeni abalingiswa emanoveli akhethiwe ocwaningweni. Isahluko sesihlanu sizogxila emagameni abalingiswa, sibheke ukuthi ngabe izenzo zabo ziyahambelana yini namagama abanikwe wona enovelini. Isahluko sesithupha lesi esizophetha ucwaningo lonke, siphinde sicubungule ulwazi olutholakele ocwaningweni lonke.