Abstract
Lolu cwaningo lubheka kabanzi umthelela wolimi olungagunyaziwe olimini olugunyaziwe. Kuchazwa umehluko phakathi kolimi olugunyaziwe kanye nolungagunyaziwe. Ukuhlolwa nokuhlaziywa kwezimpendulo zababambe iqhaza kwenziwa ngokuqaphela nokuhlola imisebenzi nezimpendulo zabo. Bonke ababambe iqhaza bangabafundi baseNyuvesi yaseJohannesburg abenza isiZulu njengolimi lwasekhaya (ulimi lwebele). Kulolu cwaningo kubhekwa izimpendulo zabafundi ababambe iqhaza ngokubheka ama-inthavyu abo, izimpendulo zohlasikwele lwemibuzo kanye nezimvusangqondo abazinikezile. Amasu asetshenzisiwe ukuqoqa idatha kulolu cwaningo yilawa: i-inthavyu, uhlakasikwele lwemibuzo kanye nemvusangqondo. Kuphinde kwabhekwa injulalwazi yolimi lomphakathi isociolinguistics. Injulalwazi yolimi lomphakathi ichaziwe ngokwezindlela ezahlukene ezinikezwe ngababhali abahlukene. Yize le njulalwazi isetshenzisiwe, kodwa kakhulu kubhekwa izindlela zayo ezingasetshenziswa ukucwaninga ngolimi emphakathini. Izindlela ezibhekiwe yilezi: ulimi lwesigodi (dialect), ulimi oluyisihlanganisi (lingua-franca) kanye nesilengi (slang). Imbangela yokusetshenziswa kwalezi zindlela ukucwaninga ngolimi lomphakathi yingoba zisiza ukuqaphela indlela yokusetshenziswa kolimi emphakathini kanye nomthelela walo. Zenza kube lula ukuhlukanisa phakathi kolimi olugunyaziwe nolimi olungagunyaziwe.
Kuphinde kwabhekwa izindlela ezingasetshenziswa ukufundisa ulimi. Izindlela ezibhekiwe yilezi: indlela yokuhumusha ngohlelo lolimi (Grammar-Translation Method), indlela eqondile (The Direct Method), indlela yokulalela umsindo wolimi nokukhuluma (The Audio-lingual Method), ukufundwa kolimi emphakathini (Community language learning), kanye nendlela yemvelo yokufunda (The Natural Approach), indlela yokuphendula ngokusebenzisa ukunyakaza komzimba okuphelele (total physical response), indlela eyingxoxo (discussion) kanye nendlela yokufunda esamdlalo (role-play). Kubuye kwabhekwa izinjulalwazi ezihambelana nokusetshenziswa kanye nokufundwa kolimi. Izinjulalwazi ezibhekiwe yilezi: injulalwazi yolimi lomphakathi kanye nezinjulalwazi zokuzuzwa kolimi: injulalwazi yemvelo (nativism), yokuziphatha (behavorism), yokuzakhela umqondo (constructivism) neyezenhlalo (social theory), zichazwe kabanzi kwavezwa izindlela ezingasetshenziswa ngazo ukufundisa ulimi lwasekhaya ukuqinisekisa ukuthi
vii
abafundi baluzuza ngendlela efanele futhi bayayiqonda imithetho yolimi olugunyaziwe kusukela emabangeni aphansi.
Amatemu Anqala: ulimi olugunyaziwe, ulimi olungagunyaziwe, imvusangqondo, ulimi lwasekhaya, injulalwazi, ulimi lomphakathi.