Abstract
NgolukaMageba kuthiwa inkunzi isematholeni kanti futhi nomthente uhlaba usamila, pho-ke kuyoze kube nini amaciko asemasha eshaywa indiva? Amaciko afana nosonkondlo yiwona alekelela isizwe ukuba sigcine kanye nomlando waso jikelele. Ngaphandle kwamaciko, luningi ulwazi olungalahleka, ikakhulukazi ekugcineni ulimi lwesizwe. Amaciko adlala indima enkulu lapho kukhuthazwa ukusetshenziswa kolimi, ukululondoloza kanye nokulukhulisa. Imisebenzi yobuciko eyenziwa ngamaciko asemasha iyahlala inganakwa, bakhule kuze kube kufika isikhathi lapho bedlula emhlabeni. Ubuqhawe bamaciko imvamisa bubungazwa uma esekobandayo. Kungalesi sizathu ukuthi iningi labantu namuhla alibazi ababhali bemisebenzi yobuciko ebebeyisebenzisa kusukela besezikoleni. Akuvamile ukubona umnikazi womsebenzi wobuciko obake basetshenziswa ngaphambili ngamehlo enyama.
UNqobile Musawenkosi Duma owaziwa ngelika ‘Nqanawe Yangempela’ ungomunye wamaciko anekhono elihle kakhulu lokuhaya nokuqopha izinkondlo, aphinde futhi abongele abantu abangosaziwayo. Uke wabonakala ebongela inkosi yesizwe samaZulu uMisuzulu Zulu ku-SABC 1 ngaphambi kosuku lokugcotshwa kwakhe, kanye noMongameli waseNingizimu Afrika uCyril Matamela Ramaphosa ku-State of the Nation Address (SONA) yangowezi-2023. Umcwaningi ukubone kuyinto efanele ukuthi lo sonkondlo abekwe ebalazweni ngenxa yomsebenzi wakhe oncomekayo, ngokuhluza ubunkondlo obutholakala emsebenzini wakhe asewenzile otholakala kuCD kanye nakuYouTube. Umcwaningi uthole ukuthi ubunkondlo obutholakala ezinkondlweni zikaDuma buqukethe okungathiwa ubugugu, umlando, izimfundiso kanye nobuhlakani besizwe samaZulu. Izinkondlo zikaDuma zingasetshenziswa nasezikoleni ezifundisa ulimi lwesiZulu, ikakhulukazi ngoba kuyilezi eziqoshiwe, abafundi bangazithakasela ngoba imvamisa abayithandi imibhalo yezinkondlo ebhalwe phansi. Umcwaningi uphakamisa ukuthi abahlaziyi bemisebenzi yobuciko, kungaba ebhaliwe noma eqoshiwe, bangawavaleli ngaphandle amaciko asakhula ngoba ingxenye iyekusasa lesizwe isezandleni zawo.