Abstract
Lolu cwaningo luphenya ngenhloso, incazelo kanye nokubaluleka bokuqanjwa kwamagama ayiziteketiso. Kubaluleke kakhulu ukuqanjwa kwayo yonke into ekhona emhlabeni, kungaba yinto ephilayo noma engaphili. Embonini yamatekisi abantu baqanjwa amagama ayiziteketiso ngenhloso yokwahlukaniseka kanye nokwamukelwa kule mboni. Lawo magama ayehluka ukunalawo abaqanjwa wona emakahaya. Ukuqanjwa kwala magama ayiziteketiso kuwumsebenzi omkhulu futhi kunesidingo esikhulu embonini yamatekisi. Le mboni yamatekisi ikhula kakhulu nsuku zonke ngokwehluka kwezinhlangano ezikhona ezitholakala lapha eNingizimu Afrika, ukukhula kwayo kwenza ukuthi amagama ayiziteketiso aqanjwa abantu nawo ande.
Ukuqanjwa kwalawa magama ngendlela eyahlukile kuveza omunye umqondo kumuntu oqabukayo ukuzwa lawa magama ayiziteketiso. Lowo olalele kumenza abe nentshisekelo kanye nogqozi lokuthola imvelaphi yalawa magama. Ngeke sakulibala ukuthi uma kuqanjwa amagama kusuke kunezizathu ezithile, alivele liqanjwe nje igama. Njengazo zonke izindawo zokusebenza, abasebenzi bayazigqaja ngemisebenzi yabo. Yilokhu ke okwenza imisebenzi yehluke kweminye imisebenzi. Amagama ayiziteketiso ayaqanjwa ngokwaleyo mboni noma indawo yokusebenza.
Iziteketiso zingamagama agqamisa ukubaluleka kwegama elingalona elasekhaya. Ukuqanjwa kwalo leli gama kukhanyisa eliyisiteketiso kumuntu liveza ukubumbana kwabantu abaphila ndawonye njengomndeni wesibili. Imboni yamatekisi ingenye yezimboni ezisadla ngoludala ngokulondolozwa kwamasiko esiNtu. Ucwaningo luhlose ukukhanyisa luphinde lucacise ngomlando kanye nokusungulwa kwalo mkhuba wokuqanjwa kwamagama ayiziteketiso embonini yamatekisi. Lokhu kuzocaciswa ngenhloso yokuveza indlela okuqanjwa ngayo kulandelwa umlando wokusungulwa kwemboni yamatekisi kanye nemvelaphi yesizwe samaZulu jikelele. Ucwaningo luzophinde lubheke indlelakuqamba amagama ayiziteketiso ukuthi yiliphi isiko noma imikhuba elandelwayo uma kuzoqanjwa igama. Ziningi izinhloso zokuqanjwa kwamagama ezigqamayo. Ukuzazisa kwabanye ozakwenu, ukuqhakambisa imizwa, ukuthunyelwa kwemibiko, ukuqcinwa kwamagama ezingqalabutho ezithile, ukuvezwa kanye nokugqamisa okuthile nokunye nje okuningi okukhobisa umqondo
vi
wokwethiwa kwamagama. Ukuvezwa kwamagama ayiziteketiso embonini yamatekisi kwibalazwe kugqamisa imvelaphi yale mboni.
Ucwaningo lusebenzise indlela yokuqoqa ulwazi eqonda imvelo ukuphila kwabantu emiphakathini eyahlukene, okuyindlela yekhwalithethivu, esetshenziswe ukuthungatha ulwazi nezimvo ezethulwa ngababambiqhaza mayelana nokuqanjwa kwamagama. Injulalwazi yeHermeneutics kanye nenjulalwazi yeSocio-Onomastics, zisetshenziselwe ukuthungatha nokuhluza imibono eyahlukene equkethwe ngamagama acwaningiwe.